Le le sevisi isebenza kumuntu wangaphandle onenhloso yokuzosungula ibhizinisi eNingizimu Afrika; noma osevele enemvume yebhizinisi ukuqhuba ibhizinisi ezweni; noma onenhloso yokuzotshala izimali kwibhizinisi elikhona ezweni.
Izicelo zingenziwa kunoma yiliph ihhovisi laboMnyango wezaseKhaya kwiprovinsi onenhloso yokuqhuba ibhizinisi kuso. Yenza isicelo kwinxusa noma i-mission uma ungaphandle kwezwe.
U-chartered accountant osebenza egameni lakho kumele afakele isiqiniseko sokuthi ngempela ifakelwe imali elingana umkhawulo obekiwe ezincwadini webhizinisi. Umkhawulo wemali okunqunywe ukuthi ifakelwe yinani lika-R2,5miliyoni kanti futhi leli nani lingabekelwa eceleni kuphela noma liphungulwe uma lokhu kuzobonelela izidingo zesizwe , noma uma kucela aboMnyango wezoHwebo neZimboni ukwenze njalo.
Uma sekutholakele imvume yokuhlala unomphela, kumele uvuselele isiqiniseko se-chartered accountant eminyakeni emibili ngemuva kosuku lokukhishwa kwemvume yokuhlala unomphela, kanti futhi kweminye iminyaka emithathu ngemuva kwalokho. Ukuhluleka ukulandela lo mbandela kuyoba nomphumela wokuthi imvume yakho yokuhlala unomphela iphele.
Asikho isikhathi esibekiwe sale nkonzosale sevisi.
